UBUSEZINGENI ELIPHEZULU UMDLALO IKING CETSHWAYO THE MUSICAL

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ebonga uJerry Pooe ngomsebenzi omuhle wokukhulisa ithalente.

UDKT Thobile Sifunda ogcizelele ukubambisana nokubumbana kumaciko aKwaZulu-Natal. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uncoma uJerry Pooe ongumsunguli we-Wushwini Pan African Centre ngokuvundulula ithalente, alikhulise ikakhulukazi kwintsha yaKwaZulu-Natal. UNgqongqoshe ukhulume kanje ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi kudlalwa bukhoma umdlalo iKing Cetshwayo The Musical, e-The Playhouse- Drama Theater eThekwini.
Lo mdlalo ukhombisa ukuthi uZulu wawanqoba kanjani amaNgisi ephethe izibhamu nombayimbayi kwimpi yaseSandlwana zingama-22 kuMasingana ngonyaka ka-1879, ekubeni uZulu wawuphethe imikhonto namahawu.
UKhawula uthi bewuMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko KwaZulu-Natal bayabonga kakhulu kuJerry , ngokwenza umsebenzi omuhle wokukhumbuza abantu ngamandla kaZulu, nobuqhawe beSilo uCetshwayo.
“Siyabonga ukubambisana nokusekana kwezikhungo zobuciko esifundazweni. Ngiyazi ukuthi iNdonsa Art Centre yasoLundi ikhona lapha, i-K Cap KwaMashu ikhona, nabanye abaningi. Ilokho esikufunayo ukuthi nibambisane ngoba siwumndeni owodwa. Sizovula kabusha Osizweni Art Centre eNewcastle, iseMgungundlovu kanye naseNyokeni KwaNongoma. Sifuna zonke lezi zikhungo maciko ethu nizisebenzise ngoba ezenu. Asiqhubeke sishiye umaka omuhle iKwaZulu-Natal yonke, okungumlando oqhakambisa isiko,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Uthi basezingxoxweni zokuthi abantu baKwaZulu-Natal bahlomule ezindaweni zokuvakasha ezinomlando.
INhloko yoMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko namaSiko uDkt Thobile Sifunda, ubonge wonke umuntu obeyingxenye yomdlalo ukuze ube impumelelo esezingeni eliphezulu.
“Umbono kaNgqongqoshe uwodwa ukuthi kuvundululwe ithalente noma ikuphi esifundazweni, likhuliswe ebese liyasebenza lisabalale umhlaba wonke,” kusho uDkt Sifunda.
