Uncategorised

ISAKHUNGATHEKILE INDODAKAZI YOMMELI OWABULAWA YIPHOYISA

UMBIKO: ANELE ZUMA

NAKUBA kungakaziwa imbangela yokuthi yini eyenza umyeni abulale umkakhe ngokumgwaza kanzima amanxeba ayi-7, kodwa lesi sigameko sishiye indodakazi kamufi ikhungathekile.
UThulasizwe Sishi ubevele eNkantolo yaseThekwini izolo ngecala asolwa ngalo lokubulala uThandokuhle Mkhize, lapho bekunomphakathi ngaphandle ubhikishela ukuthi angayitholi ibheyili.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa uhilizisane nenkosikazi yakhe UNkk Thandokuhle Vermonter Mkhize nomyeni wakhe uThulasizwe Sishi oyiphoyisa kuMasipala iTheku bahilizisane phambi kwendodakazi yenkosikazi.
“Indlela enza ngayo lo wesilisa kwakubukeka sengathi akasacangi. Lo wesilisa ukhiye endlini kwaqhubeka ukuhilizisana okwenzeke ngaphambilini osukwini. Kube nokuhilizisane okuholele ekutheni lo wesilisa akhiye umnyango, wagcina esegwaze inkosikazi yakhe amanxeba ayisikhombisa, eshonele kwisigameko,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kuze kwalamula owesilisa ohlala kuyo le ndawo abahlala kuyo
“Usaqhubeka nokumgwaza, waphazanyisa owesilisa oze wabulala izicabha. Okunguye olamulile kodwa ngemuva kwendaba esembulele umkakhe, indodakazi kamufi ibuka,” esho.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Shinga, uthi ukhathazekile kakhulu ngokwanda kwamacala okuhlukumeza okubhekiswe kwabesifazane nezingane- (GBVF) , wacela ukuthi umphakathi wonke ubambisane ekulweni nalesi sihlava.
UNkk Thandokuhle Vermonter Sishi ufihlwe ngeSonto eMlazi.