Uncategorised

OMAKADEBONA BAKHONJWA KWI-DURBAN CITY

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

SEKUVELA amagama kaGavin Hunt no-Ernst Middendorp kubaqeqeshi abangase bathulwe njengabasha kwiDurban City FC, ebiyaziwa ngeleMaritzburg United esanda kubuyela kwiPremiership.

Leli qembu elidlala eChatsworth lisanda kwethusa abalandeli ngokungamgcini uSimo Dladla okunguye oyikhuphule kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule. Kuthiwa izikhulu zeCity zikhale ngokuthi uSimo ushoda ngesipiliyoni osekwenze kwavela ukuthi sezixoxisana nomakadebona oHunt noMiddendorp.

Kuthiwa uHunt, okuphele isizini edlule ehlezi ekhaya ngemuva kokufakwa amasondo iSuperSport United, nguye ozoba umqeqeshi omusha bese kuthi uMiddendorp asebenze njengosomaqhinga (Technical Director). UMiddendorp, osegcogcome amaqembu amaningi akuleli okubalwa kuwo neKaizer Chiefs, usanda kwehluleka ukuhlenga iCape Town Spurs ezembeni njengoba isizogijima ku-ABC Motsepe League. ISpurs sesimemezele ukuthi sizophekwa uRoger de Sa ehlathini.