ISEKHUKHUNE SIXOSHE OZIFELA NGEJIKI

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UKUZIPHATHA budlabha kwenze iSekhukhune United saphoqeleka ukuthi isimkhombe indlela uSipho “Master Chef” Mbule, ofike kuleli qembu ebolekwe kwiMamelodi Sundowns. Indaba yokungaziphathi kahle into endala ibikwa emithonjeni yabezindaba kodwa amaqembu adlala kuwo eyinyathela. Kuthiwa ubethanda kakhulu utshwala kanti kwesinye isikhathi ubefika ejimini engekho esimweni sokusebenza. UMbule uxoshwa iSekhukhune nje uke wamiswa ngenxa yakho ubuhlongandlebe. Esigamekweni sakamuva kuthiwa wahilizisana nomunye wabaqeqeshi. Ukuxoshwa iSekhukhune sekwenze kwaba nongabazane ngekusasa lakhe kwiSundowns eyamsayina kuSuperSport United. Ungomunye wabadlali abanekhono ebekulindelwe lukhulu Kubo.
