Uncategorised

I-KZN IPHINDE YAHAMBA PHAMBILI KWIMIPHUMELA KAMATIKULETSHENI EMAJELE

ABAFUNDI basemajele ebebenza umatikuletsheni wabo ngonyaka odlule.

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnuz Pieter Groenewald encoma amagalelo emfundo. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ISIFUNDAZWE saKwaZulu-Natal siphinde sadla umhlanganiso kwimiphumela kamatikuletsheni emajele saqwaqwada wonke amajele akwezinye izifundazwe.

Kubafundi baKwaZulu-Natal abayi-50, bangama-45 abafundi abaphase ngo- Bachelor basesikoleni i-Usethubeni Correctional Centre esisejele laseWestville bathola u100% iminyaka eyi-10 ilandelana.

UNgqongqoshe wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMnuz Pieter
Groenewald, uthi imiphumela ikhombisa ukuthi imfundo iyithuluzi elinamandla lokuhlunyeleliswa kwezimilo.

Uphinde wancoma othisha, izikhulu, nemindeni yalaba ababoshiwe wathi imfundo emajele iyasiza ekwakheni kabusha umuntu, isithunzi, ukuziphatha iphinde ibuyise ithemba ngekusasa.

UJabulani Gumede wase-Usethubeni Correctional Centre nguyena odle umhlanganiso kuzwelonke, uTyrique Jooste wasesikoleni sasejele esiseGoli yena walala isibili.