Uncategorised

KUZOBOSHWA ABADUBE IMISHANGUZO NGENXA YENKOLO

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane ngesikhathi ekhuluma nabazalwane eMzinyathi. IZITHOMBE: KZNDOH

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane, uthi ukhathazekile ngebandla lezenkolo elibizwa Ikhaya Labafundi elizinze KwaMaphumulo, okuthiwa likhuthaza abazalwane ukuthi balahle imithi yesimanje manje okubalwa nemishanguzo yokuthithibalisa igciwane lesandulela ngculazi. UNgqongqoshe usho lokhu ngesikhathi evakashele ibandla i-UCCSA eMzinyathi, eThekwini enkonzweni yePhasika ngempelasonto.
“SiwuMnyango siyazihlonipha kakhulu ezenkolo kodwa kunomsebenzi okufanele siwenze uma sizwa lezindaba ezingaqinisekisiwe zokudukiswa kwabantu. Uma lezindaba ziyiqiniso ukuthi kukhona umuntu okanye abantu abatshela abantu ukuthi bayeke imishanguzo, lesi senzo simbi kakhulu futhi sibeka izimpilo zabantu ebungozini. Lena indlela yokubulala abantu kancane kancane,” kusho uNgqongqoshe uSimelane.

Uqhube wathi leli bandla kuthiwa lithi konke okomhlaba selikushiye ngaphandle okubalwa amaphilisi, imisibenzi, amakhaya njengoba abazalwane balo behlala esontweni bonke. “Laba bazalwane bayalima, bayatshala futhi abasaphuzi lutho. Lento ayikho yinhle, labantu abakhuthaza abantu ngalento kufanele baboshwe ngoba thina siwuMnyango wezeMpilo asisho ukuthi singuNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu ufuna thina sonke sibambisane ukuze siphile impilo ende. Indlela yokubambisana noNkulunkulu iyona lena yokuthi sidle amaphilisi, ngakho umuntu othi abantu abayeke amaphilisi kufanele aboshwe. Lo muntu ubulala umphakathi wonke futhi wehlisa isithunzi sebandla,” kuphetha uNgqongqoshe uSimelane.