KUZOSHIKISHA UFUDU KWI-MATHEMBA SUPER CUP KULONYAKA

IZOQALA ngenyanga ezayo imidlalo yeMathemba Super Cup.
ISITHOMBE: Facebook
MALIBONGWE MAZIBUKO
IMATHEMBA Super Cup yethulwe ngokusemthethweni ngoLwesibili eThekwini, lapho abahleli beveze khona ukuthi lo mqhudelwano uzobandakanya amaqembu angu-24 azobanga isicoco emdlalweni okulindeleke ukuthi ube sezingeni eliphezulu.
Lo mqhudelwano uhlelwe njengenkundla yokuthuthukisa ithalente lebhola emphakathini, ukhombise uthando lomdlalo futhi uqinise ubumbano phakathi kwezakhamuzi zesifundazwe saKwaZulu-Natal. Abahleli bagcizelele ukuthi iMathemba Super Cup ayigcini nje ngokuba umncintiswano, kodwa iwumkhosi obungaza ezemidlalo kanye nokubambisana komphakathi.
Okwamanje, Umvoti Football Club izongena njengabavikeli besicoco, ngemuva kokunqoba kwabo ngesizini edlule lapho behlule khona Njampela Football Club ngamaphenathi emdlalweni wokugcina owawushubile. Lokho kunqoba kubenze baba ngelinye lamaqembu alindeleke ukuthi aphinde abe nesandla esiqinile nakulo nyaka.
Imidlalo kulindeleke ukuthi iqale ngenyanga ezayo kanti abalandeli sebekhuthazwa ukuthi beseke amaqembu abo ngobuningi njengoba uhambo lokufuna iqembu elizoba ngumpetha omusha noma ukubona Umvoti Football Club ivikela isicoco.
