UKHAWULA UTUSA UKUSEBENZISANA OKUHLE PHAKATHI KOMNYANGO NOMASIPALA

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya uCllr Ngcongo bebonga u-Amahle ngokuhaya inkondlo emnandi.

AMANTOMBAZANE edlala ibhola lomnqakiswano enkundleni engaphakathi emagcekeni omtapowolwazi. IZITHOMBE: THABISO MJOKA
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezamaCiko, namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, ubonge ukusebenzisana okuhle phakathi koMnyango awuholayo noMasipala waseRichmond, ngesikhathi kwakhiwa umtapowolwazi iNdaleni.
UNgqongqoshe uveze lokhu ngoMgqibelo, ngesikhathi evula ngokusemthethweni umtapowolwazi iNdaleni (Ndaleni Library) eRichmond.
Uthi muhle kakhulu umsebenzi owenziwe kulomtapowolwazi, njengoba idle kakhulu ngobukhazikhathi, nezinga lesimanje manje lobuchwepheshe.
“Sicela amalunga omphakathi ayiphathe kahle le ngqalasizinda, ngoba akuyona ekahulumeni kodwa eyawo umphakathi. Siyabonga kakhulu kuMasipala waseRichmond ngokusebenzisana okuhle, ngesikhathi sakha lo mtapowolwazi. Asikaze sibe nazo izinkinga, siyabonga kwiNhloko yoMnyango uDkt Thobile Sifunda, uMunicipality Manager uMnuz Bhekani Mswane, sibonga nakubona bonke ababambe iqhaza. Usuphelile umsebenzi sesizonika umphakathi ngokusemthethweni ngihambisana neMeya. Umtapowolwazi umile akuwona okufanele uye kubantu kodwa abantu okufanele beye kuwona beyothekela ulwazi,” kusho uNgqongqoshe.
Uthi ukuba khona kwalomtapowolwazi akusho ukuthi ingane isiphasile esikoleni, kodwa ingane ezophumelela yileyo ezozihlupha iyothekela ulwazi kuwona. “Njengoba igama lami ngiwuMntomuhle konke engikwenzayo kuhle. Usonkontileka ozongakhela amahliphihliphi ngizomdiliza, ngoba ngifuna izinto ezifana nathi siMeya uCllr uNgcongo. Abanye osonkontileka bayaphoxa banikwe umsebenzi ebese bedlala ngawo kodwa laba bayawazi umsebenzi wabo futhi bayazi ukuthi edolobheni lasemalokishini, nelasemakhaya ayafana,” kuphetha uNgqongqoshe.
