NTULI UTHI EYOKUQASHWA KWEMINGCELE BAYISUKUMELE PHEZULU

UMNGCELE lakungena khona abokufika. ISITHOMBE: FACEBOOK
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthi ukuqashwa kwemingcele bakusukumele phezulu, njengoba sebegadla nangokuqapha kwezobuchwepheshe.
UNdunankulu uNtuli ukuveze lokhu ngesikhathi kugujwa usuku lwenkululeko kuMasipala wase-Alfred Duma e-Indoor Sport Complex eMnambithi ngoMsombuluko.
Uthi njengohulumeni bathathe izinqumo okubalwa kuzo ukusebenzisa ubuchwepheshe, ukubamba labo abeqa umngcele besuka emazweni abo bezongena kuleli.
“Lokhu kuqapha ngeso lokhozi kumngcele sikwenze ngokufaka amakhamera andizayo, azosiza ukuthi babonakale kalula abeqayo.,”kusho uNdunankulu uNtuli.
Uveze ukuthi kuningi abasakuhlela okuzosiza ekulweni nalenkinga yabokufika KwaZulu-Natal.
