Uncategorised

KUBOSHWE ABEBEPHANGA ISITOLO EMGUNGUNDLOVU

YIBO laba abasolwa abakhelelwe amasongo kasigonyela eMgungundlovu. ISITHOMBE: KZNSAPS

NOMCEBO NGEMA

BAKHALELWE amasongo kasigonyela abasolwa abane, ngokuhlasela amabhizinisi eMgungundlovu. Labasolwa baneminyaka ephakathi kwengama-39 kuya kwengama-49, baboshwe ngemumva kokuphanga ositolo sakwa-Ackermans eSelgro Centre.

Ngemumva kokubamba isitolo bathe nyawo zami ngibelethe, kodwa babanjwa eClaridge ngokubambisana kwezinhlaka ezahlukene, okubalwa amaphoyisa alwa nobugebengu, i-Mi7 National Group nezinye izinhlangano zokuphepha. Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu ze-gas (ezingabulali), imoto iVW Polo kanye nempahla eyebiwe. Amaphoyisa athi akholelwa ukuthi laba basolwa baxhumene namanye amacala ahlobene nalawa, athi azoqhubeka nophenyo.

Amaphoyisa aphinde anxusa osomabhizinisi ukuthi baqinise ezokuphepha njengokusebenzisa amakhamera (CCTV), futhi babike noma yiluphi uhlobo loubugebengu ukuze kuphenywe.