KUPHELILE NGEKUSASA LIKANDLONZI KWI-EFF

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
SEKUPHELILE ukuqagela ngekusasa likaDkt Mbuyiseni Ndlonzi kwi-EFF, kulandela ukushiya kwakhe ngokusemthethweni njengelunga lephalamende kuleli qembu.
Lokhu kuqagula okuthiwa bekudalwa ukungaboni ngasolinye nomholi waleli qembu, okuze kwaholela ekutheni angabi yingxenye yengqungquthela yokukhethwa kobuholi obuphezulu.
Lokhu kwenze kwabonakala ikusasa lakhe kuleli qembu selingozi makhaza, namahlebezi okuthi uNdlozi angahle alandele uFloyd Shivambu nabanye Abaholi abaqavile abashiye leliqembu nyakenye.
I-EFF eholwa uMnuz uJulius Malema Ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukusula kukaNdlonzi njengelungu laleli qembu ephalamende lasekapa.
UNdlozi uqale ukuba ilungu le-EFF ephalamende kusukela ngonyaka ka-2014.
UNdlonzi ungomunye wabaholi abawumgogodla waleli qembu njengoba aphuma noMalema ngesikhathi behlubuka kwi-ANCYL, okwadalwa ngabakubiza ngokuthi ubuhlongandlebe bukaMalema, lapho ayengcofa lowo owayenguMengameli uJacob Zuma ngaleso sikhathi.
Ukuhamba kukaNdlozi kungahle kushiya umgodi kuleliqembu njengoba selilahlekelwe ngamalungu evile kwamahlanu esikhathini esiyizinyanga eziyisikhombisa.
Leli qembu liphinde laveza ukuthi uMnuz Yazini Tetyana wesulile njengelungu le-EFF kwisiShayamthetho sase-Eastern Cape.
Kusukela ngonyaka owedlule leli qembu libukeka libhekene nezinkinga,abanye babaholi abashiye leli qembu kubalwa owayenguSekela Mengameli uMnuz Floyd Shivambu osenguNobhala jikelele weqembu iMK Party, u-Adv Dali Mpofu osekwiMK Party noNkk Busisiwe Mkhwebane naye osekwiMK Party.
Akukacaci kahle ngekusasa likaNdlozi onamava kwezepolitiki.
