IMBIZO YAMANZI KUMPHAKATHI WASE-NTUZUMA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
IMEYA yoMkhandlu weTheku uCllr Cyril Xaba, ubiza wonke umphakathi waseNtuzuma, ukuthi uzothamela umhlangano omayelana nodaba lokulethwa kwamanzi kule ndawo.
Lo mhlangano uzoba ngoLwesihlanu mhla ziyi 13 kuZibandlela, eHholo lomphakathi kwa-B ( KwaMancinza), ngehora lesi-9 ekuseni.
UMeya uthi, iNtuzuma ingenye yezindawo ezihlupheka kakhulu ngokungatholakali kwamanzi.
Kuthiwa le nkinga yenza kube nzima ukusebenza kwamaKhansela ngenxa yengcindezi ayithola emphakathini. Umphakathi nawo usuke uphushwa ukungawatholi amanzi, okwenza inhlalo yawo ibenzima impela.
Amawadi alindeleke ukuthi abekhona kulomhlangano ilawa: 34, 41, 43, no 45.
