Uncategorised

I-LAMONTVILLE YOUTH DEVELOPMENT NOMKHANKASO WOKULEKELELA INTSHA

UMNUZ Mlamuli Shoba wenhlangano iLamontville Youth Development elekelela kakhulu izingane, umphakathi nentsha.

OTHISHA base-Entuthukweni Primary School, abakwaGreif SA abakwaGewasa nabafundi base-Entuthukweni Primary School. IZITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI

NOMCEBO NGEMA

KWANDA kwentsha enene ntshi kwizidakanizwa, kuholele ekutheni inhlangano engenzi nzuzo iLamontville Youth
Development, izibophezele ekutakuleni intsha, ngokuthi ibanike ithuba lokuthi benze izinto ezibathuthukisayo.
UMnuz Mlamuli Shoba wale nhlangano ukuveze lokhu, ngesikhathi
inkampani iGreif SA neGewasa bevakashele Entuthukweni Primary School, beyonikela ngemigqomo kadoti baphinde bafundise abafundi ngokugcina imvelo ihlanzekile.
Uthi inhloso yalenhlangano ukutakula izingane esezingene shi kwizidakamizwa kanye nasebugebengwini
Uthi le nhlangano iyona ehambe ingqongqoza kwizinkampani ezihlukene, icelela izikole nomphakathi uxhaso.

“Sivakashela izinkampani ezihlukahlukene sicelela izingane nomphakathi izinto okubalwa imisebenzi okanye okumayelana nempilo. Sithe uma sifika kwaGreif SA sacelela izingane ama-learnerships, inkampani yavuma yazithatha izingane eziyi-7, ezizosebenza unyaka wonke njengoba kukhona nemali yensipho eziyitholayo (stipend). Siphinde sacelela isikole base esifanele ukuthi basenzele okuthile, saqoka Entuthukweni Primary School, njengoba inezingane ezincane futhi izona esigxile kuzona kakhulu ukuze mazikhula zikhule zinalo ulwazi,” kusho uMnuz Shoba.

Uqhube wathi inhloso yabo ukuthi bafundise izingane ngokulondoloza kwemvelo, ukuze zizophuma ebugebengwini.
“Sithena ngoba izingane sezifakeliwe imigqomo kadoti esikole, azithi uma ziphuma esikoleni zigxile kwezemidlalo ukuze zingeke zingene kwizidakamizwa kanye nasebugebengwini. Uma siyekelela izingane zethu ziqedwe izidakamizwa nobugebengu lelizwe liyophathwa ubani kusasa?, ngakho asisukume kube khona esikwenzayo sihluleke sizamile kodwa. Akekho umzali othanda ukubona ingane yakhe iyiphara, kukhona izingane ezi-5 ezifikile kimina zacela ukulekelelwa ukuze ziphume kwizidakamizwa,” kuphetha uMnuz Shoba.