I-WANDERERS IFEZEKISE ELIKA-KHAWULA LE- PREMIER’S CUP

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
NAKUBA bengene sekuvalwe amehlo Abafana Bebatha kwi-Motsepe Foundation Championship, kodwa lokho kubabeke ethubeni lokuthi bazodlala oweKZN Premier’s Cup.
Lokhu babekubekelwe kwaba umgomo nguNgqongqoshe wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko uMntomuhle Khawula ngenkathi ebavalelisa.
UNgqongqoshe Khawula ubongele leli qembu ngokukwazi ukunqoba iThames FC, ukuze likhuphukele kwiNational First Division.
Lo mqhudelwano ubunezingqinamba eziningi, ngenxa yokushintsha kwezinkundla zokudlala, nokuyiswa kwabahleli bawo enkantolo, okuholele ukuthi amaqembu iSinenkani FC yase-Eastern Cape neMpheni yaseLimpopo enqatshelwa ukuba ingxenye yalomqhudelwano.
ISinenkani FC yaseMpumalanga Kapa yona ibithathele iSAFA izinyathelo zomthetho zokuphikisa isinqumo esikhishwe ukhomishana womdlalo.
Igcagcele esokeni kumqeqeshi weMidlands Wanderers uVincent Myeni njengoba ethi ubengananazi ukuthi leli qembu lizonqoba. “Empeleni iqhinga leWanderers bekukade kuwukwenza konke okusemandleni ayo njengoba ibiyithemba laseKZN. Sekuphele iminyaka eminingi iKZN yagcina ukukhushulelwa kwiNational First Division. Kwagcina kungene uThongathi FC eminyakeni ebalelwa kwelishumi. Sifuna iWanderers ibonwe njengeqembu elinqamule isomiso,” esho.
