Uncategorised

UKHAWULA UKHUTHAZA UKWENZIWA KWEZEMIDLALO EZIHLANGANISA UMPHAKATHI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula obeyingxenye yomjaho iNkandla May Horse Racing.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya yaseMlalazi uCllr Queen Xulu ngesikhathi kuqhubeka umjaho wamahhashi. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi kufanele yandiswe imidlalo ehlanganisa kahle umphakathi ngezimpelasonto, ukuze uzoyeka ukuhlanganela ezindaweni eziba nokukhala nokugedla kwamazinyo ekugcineni. Usho lokhu izolo ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zabantu ebezithamele umjaho wamahhashi iNkandla May Horse Racing, KwaNontshiza eNkandla.

UNgqongqoshe uthi okunye okumhlabe umxhwele ukubona ojokhi besifazane abasebancane bengenela lo mjaho wamahhashi owaziwa kakhulu ngokuthi owabesilisa.
“Kulomjaho wakulonyaka kunemijaho emibili okubalwa obekuqhudelana abasifazane baseNkandla nalo obekuntincisana abesifazane bonke baseKZN, ngiyakholwa ukuthi lizonyuka izinga labo kwimijaho elandelayo. Ezemidlalo zithuthukile ngoba ebholeni lezinyawo, nelomnqakiswano kuyaye kube nemidlalo yokujabulisa abathandi bebhola lapho kudlala khona omakadebona endimeni. Ngiyethemba ukuthi ngelinye ilanga siyobona umjaho wabesifazane ugijinywa izintatheli ngoba kufanele uthake wenze izinto ezimnandi ezijabilisa abantu. Abahleli balo mjaho abenze izinto ezihlukahlukene ezizoheha abantu bakwezinye izindawo, nakwezinye izifundazwe ukuze lo mjaho uzokhula uye phambili. Le mijaho yamahhashi iyanda kakhulu ezindaweni zasemakhaya njengoba ngonyaka odlule kube nomjaho iNkandla May Horse Racing, iDundee July, kwaba oseKing Cetshwayo, kwaba oseZululand, kwaba oseNquthu, kwaba oseMajuba kanye nalona oseDkt Nkosazana Dlamini Zuma Municipality ongabanga usaba khona ngenxa yokubheduka kwesifo samatele kodwa kulonyaka nakanjani uzoba khona,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.

Uphinde wanxenxa abanye omasipala abanesifiso sokuqala eyabo imjaho ukuthi bayiqale, ukuze kube yinto eyenzeka kuzona zonke izifunda KwaZulu-Natal.

Lo mjaho ubuhanjwe yizimeya zesiFunda iKing Cetshwayo ezingomakhelwane, amakhansela, amakhosi namalunga omphakathi obuphume ngobuningi bawo.