Uncategorised

OWEYEKWI-BAFANA BAFANA NE-PIRATES UVUKE NGETOHO LOKUDAYISA IZIMOTO

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

LOWO owayeyisihlabani se-Orlando Pirates uSteve “Chippa” Lekoelea usethole umsebenzi wokudayisa izimoto enkampanini iRoar.
ULekoelea, owagcina ukudlala ibhola ngo 2011, uveze ukuthi uyawuthokozela lo msebenzi wakhe omusha yize unezinselelo. “Ngijabule kakhulu ngokuthola leli toho futhi anginandaba ukuthi abantu bazothini ngoba vele bayohlale bekhuluma. Okumqoka kimina ukuthi uNkulunkulu usanginikile ithuba lokuphila. Njengoba ngimusha kulo mkhakha wokudayisa izimoto sengizitshele ukuthi ngizofunda ngokushesha ukuze ngingene kahle egiyeni,” esho.
Uvumile ukuthi wayengakaze azibone eseziphilisa ngalo msebenzi. Lo mdlali ngezikhathi zakhe wayengaconsi phansi kubalandeli njengoba waqala ukugqama kwiMoroka Swallows eneminyaka engu 15, wasuka lapho wathathwa iPirates. Udlale kuma Olympics ango-2000 neqembu lesizwe lika-Under 23 nakwiBafana Bafana.
ULekolela ungumdlali wesibili odumile osevumbuke emsebenzi wokudayisa izimoto. Omunye uKatlego “Killer” Mphela wodumo kwiBafana Bafana, Sundowns, Kaizer Chiefs neSuperSport United.