USHUMAYELE AMEHLO EGCWELE IZINYEMBEZI UPHUMLANI NKWANYANA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
IBE yimpumelelo inkonzo yeMega Grace Hour eyenziwa uPhumlani Nkwanyana ongumsakazi weVuma 103 FM okungeyesihlanu yenzeka.
UNkwanyana ushumayele engathi ushumayela okokugcina, amehlo egcwele izinyembezi ngenxa yokuvuka kweminjunju yokushonelwa umukhwe wakhe.
Lokhu kudlula komukhwe wakhe, kwenze yangaba bikho inkosikazi yakhe ngenxa yokugubudelwa yifu elimnyama.
“Lo nyaka ngowesihlanu siyibambile. Uhlelo Mega Grace Hour ngaluqala lwaba nomlaleli oyedwa vo, kodwa namuhla abalandeli ekhasini lika Facebook bangaphezu kuka 40 000 futhi syakhuphuka. Namhlanje nigcwele phama lokho nje kwenza ngithobeke. Yize Ibuhlungu inhliziyo yami ngokuthi inkosikazi yami ashonelwe uyise, ngabe ulapha sisho sonke sithi, Ebhenezer usigcinile. Bese singeke sime, bekufanele siqhubeke ngoba icebo likaNkulunkulu lingevinjwe”. Kusho yena.
Le nkonzo ibise-Durban Worship Centre, ibigcwele kusweleka indawo yokuhlala.
Umfundisi Mkhwanazi obekhona uthe, UNkwanyana akayena umfundisi kodwa uyavangela.
Ngiyafisa nabanye bakuqonde ukuthi akumele uze ubenguMfundisi uvule ibandla, kodwa ungakwazi ukudlulisa umyalezo kaNkulunkulu ngokuvangela uhambe umhlaba wonke.
Kwabakade behambele lenkonzo uMfu Andile Fihlela noNkosikazi wakhe noMphrofethi Ntokozo Gwala. The Abadumisi akade bekhona uThandeka Dube, Ayanda Nene noZulu Pavarotti. UDkt S Ngubane owayeyintatheli kodwa osefundisa eDurban University of Technology noNkz Bathabile Makhanya onguSonhlalakahle ejele iWestville.
