Uncategorised

UQOPHE UMLANDO OWESIFAZANE EVULA ISIKHUNGO SEMFUNDO

UMSUNGULI wesikhungo uNkk Pretty Mkhize neMeya yaseRay Nkonyeni Local Municipality uZodwa Mzindle. IZITHOMBE: MOTSWARI MOFOKENG

MABUNHLE MLABA

KUQOPHEKE umlando owesifazane wasendaweni yasemakhaya esungula isikhungo semfundo angakubo, iPort Shepstone Institute of Technology (SheppyTech) esizogxila emfundweni yezinto ezidingekayo esikhathini samanje.
UNkk Pretty Mkhize onguMaShange wabesifazane abambalwa KwaZulu-Natal ukusungula isikole.
Injabulo ibiqhuma emoyeni eBethania Mission eNyandezulu ePort Sherpstone, ngesikhathi iSheppyTech yethulwa ngokusemthethweni emphakathini nasenkosini yendawo, uSanele Ndwalane ebiphelezelwa izinduna zayo ngoLwesithathu.
Ngokusho komsunguli lesi sikhungo esakhelwe ukwamukela abafundi abangaphezu kuka-25, kuwo wonke amakilasi amathathu nesiphasiswe uMnyango weMfundo ePhakeme, sizosiza ekuthuthukiseni ngemfundo yezidingo zesimanje ezifana nobuchwepheshe, ezolimo nezimayini.
Echaza uNkk Mkhize uthe waba nephupho lokusungula lesi sikole ngesikhathi efunda eGoli ngo 2016. “Kwangithinta kakhulu emoyeni wami ukubona izingane eziningi ezidabuka e-KZN zigcwele eGoli. Ngaba nentshisekelo yokuthi ngisungule isikole ngalapho engidabuka khona ukuze kugwemeke ukufuduka kwezingane ziye ezindaweni ezikude. Ukufunda kulesi sikhungo sethu kuzoqala ngoNhlolanja ngonyaka ozayo ka-2026, kanti ezinye izifundo esizoba nazo ezeBeauty Therapy, abazovocavoca umzimba (Massages), abacwala izinzipho (Nail ail Technician) neComputer Studies,” kusho uNk Mkhize, okumanje usebenza njengeLead Data Modeller kwelinye lamabhange a makhulu.
IMeya yaseRay Nkonyeni Local Municipality uZodwa Mzindle ubongele intsha yasendaweni ngokuvuleka kwalesi sikhungo wathi njengomasipala bavule izandla uma kudingeka usizo lwanoma yini.

Ngesikhathi kuvulwa iPort Shepstone Institute of Technology eNyandezulu ePort Shepstone