Uncategorised

LIPHEZULU IZINGA KOWE-MANDENI ASIPHEPHE GOSPEL FESTIVAL

KUMENYWA wonke umuntu ukuthi abe ingxenye yalo mcimbi ngoLwesihlanu, eMandeni.

NOMCEBO NGEMA

ELIPHEZULU izinga lowomculo wokholo iMandeni Asiphephe Gospel Festval, ezokuba eSibusisweni eMandeni, ngo-18:00 ntambama
UDJ Kotini ongumphathi weKotini Communication & Events ehlele le ndumezulu yefestival, uthi inhloso wukwelapha abantu emphefumulweni, ukukhulekela izingozi ezenzeka kule ndawo nokunika ithemba kubantu
“Sihlose ukuphakela abantu umkhuleko, intshumayela kodwa sizogxila kakhulu kwindumiso. Abaculi abazokube bekhona bazocula bukhoma, ukuze nabantu babe yingxenye yendumiso.
Kuningi okwenzekayo emhlabeni yingakho sizonxusa uNkulunkulu ukuthi asihawukele, “kusho Kotini.

Abaculi abazokuba bekhona beshiyelana inkundla kubalwa u-Ayanda Ntanzi, u-Abu Noah, uJumbo, uSabatha Mthethwa, uSindi Ntombela, uPhindy P nabanye abaningi.
Phuthuma uthenge ithikithi eComputicket naseShoprite, athola Kala kusukela kuR200, R250, R300, iVIP yona uR500 kanti esangweni uzoyithola ngo-R700.
Lo mcimbi uxhaswe uMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal omasipala wakwaDukuza