
UBHATATA UYISIDLO ESELAPHA UMZIMBA
UMBHALO: ZETHU PHOSWA
newsroom@selectafricanews.co.za
UBHATATA yisitshalo esitshalwa ngenduku yakhona, bese simila ngaphansi komhlabathi, silungela ukuvuthwa ebusika, sinoshukela uma usidla.
Abe-Health Living bathi lesi tshalo siyasiza ukwelapha izilonda esiswini (ulcer) nokunciphisa amathuba okuhlaselwa yilesi sifo.
“Ubhatata uqukethe uvithamini B noC, calcium nepotassium okuyikona okulekelela ukukhipha i-acid emzimbeni.
“Wenza isisu sikhululeke ungaqunjelwa,” kusho abeHealth Living.
Bathi ubhatata uyasiza ukwehlisa okuhlaselwa umdlavuza okubalwa owesisu, wamankwahla, wamathumbu nokapopopo, njengoba uqukethe izinhlayiya ezilwa nomdlavuza wangaphakathi esiswini.
“Lesi sitshalo sihlabahlose nge-iron, vithamini C, phosphorus okusiza ukwandisa, ukuqinisa nokukhuthaza amasosha omzimba ukuze akwazi ukumelana nokulwa nezifo zimbeni.
“Uyasiza kakhulu ukuvula isifuba uma sicinene. Wehlisa amathuba okuhlaselwa isifuba somoya futhi ulekelela ukuthi uphefumule kahle uma uvaleka ukuphefumula.
“Unciphisa amathuba okuhlaselwa yisifo senhliziyo,” besho.
Baveze ukuthi ubhatata uyakwazi ukulawula zonke izinhlobo zikashukela.
Ubhatata uyasiza ukulekelela umfutho wegazi ukuthi kube yilowo osezingeni elidingwa wumzimba.
Bathi ubhatata uyasiza ukwenza isibeletho sivunde ukuze silungele ukuthwala ingane kowesifazane, futhi unciphisa izinkinga zokugula kowesifazane okhulelwe.
Abe-The Health Harvard School of Public Health bathi ubhatata wehlisa ukwakheka komoya esiswini.
Bathi usiza inhliziyo ukuthi ishaye kahle, uphinde ulekelele izicubu zomzimba ukuthi zisebenze ngendlela edingwa wumzimba.
AbeHealth24 bathi usiza ukulekelela isikhumba ukuthi singahlaselwa yizilonda, sihlale siphilile.
AbeThe Encyclopedia of Healing Food bathi ubhatata uyasiza kakhulu ukunciphisa izinhlungu kowesifazane uma ezokuya noma esezinsukwini zakhe.
AbeClivaland Clinic bathi ubhatata wehlisa ukuhlaselwa yincindezi.
Bathi uma unesifo samathambo ukudla ubhatata ungaba yikhambi ngisho namanzi awo uma uzowahlikihla lapho kubuhlungu khona ayasiza.
AboMnyango wezeMpilo eLos Angel bathi ubhatata wenza umzimba ukhululeke unikeze impilo amathambo, inhliziyo, isifuba, igazi nazo zonke izicubu zomzimba
