Uncategorised

USUSEMOME OWONTELEBHELO KWI-LEMBE

MABUNHLE MLABA

KULINDELEKE ukuthi uqale ngegiya eliphezulu umjaho wamahhashi kwi-iLembe Mtelebhelo ezoqala ozokuba ngoMgqibelo ngo-9h00 ekuseni.
Kuzobe kungokokuqala lo mjaho wamahhashi asemakhaya wenziwa kule ndawo ephethwe isifunda esinomasipala abane.
Abahleli bawo iLembe Mtelebhelo Horse Association bathe bafuna ukwenza into yamehlo kwazise bafuna ukuqhakambisa amakhono ojokhi bendawo.
UNkz Thandeka Mandeni onguNobhala walo soseshini uthe bameme bonke abantu abangaphansi kwalesi sifunda okubalwa abakwaMaphumulo, iKwaDukuza, eMandeni naseNdwedwe ukuthi ube yingxenye yawo.
Kulindeleke izinkumbi kwazise kumenywe nabangaphansi koMgungundlovu abavamise ukuyodlala kwiHarry Gwala Cup nabaseThekwini namaphethelo.
Imikhakha ezoqhudelana yehlukene, kuzokuba khona nojokhi besifazane abancane kanti kuzoba nomculo kunandisa amaciko endawo azobe egabisa ngamakhono awo.
Abahleli bomjaho bathe lukhulu abalufundile ngesikhathi beyothamela iDundee July muva nje, okuwuwona mjaho othathwa njengohleleke kahle kuneminye ekhulayo KwaZulu-Natal.
Bathe okunye abakuhlosile ngalo mjaho ukwenza umehluko kwabahwebayo njengoba bezogoduka namasenti sebedayisele abantu abazothamela lo mqhudelwano. Ngaphandle kwamahhashi abazohambela lomjaho bazozitika ngomculo njengoba kuzonandisa amaciko endawo.