Uncategorised

OWE-DUNDEE JULY EXPERIENCE UZE NENYE KAMASKANDI

LULAMA MTHETHWA

UFUNA abaculi benza into yamehlo emcimbini iDundee July Experience ezoba ngomhlaka 19 July 2025, eBattlefields Country Lodge & Sports Resorts, eDundee umhleli walo uMnuz Vezokuhle Nala.

Lo mcimbi uzoba ngemuva komjaho wamahhashi iDundee July, nokulindileke ukuthi uqhubeke nangeSonto mhlaka 20 July usuyiDundee July Amabhinca Experience.

UNala uthe ufuna amaciko akhuphule izinga, enze okuhlukile kulo mcimbi.
Uqinise kakhulu isandla kubaculi bakaMaskandi, abasanenselelo yokwenza kahle esiteji uma becula bukhoma.

“Kulo mcimbi wangeSonto(20 July) ngeke ufana nale ejwayelekile, asikwazi phela ukwenza into efana neminye imicimbi lana eDundee. Sifuna ukubuyela kuMaskandi esikwazi ukuzwa kuwo isigingci nebass guitar, hhayi lo wama keyboard engathi iGospel. Kunabaculi engibakhethile, engithe abazilungiselele ukuzocula bukhoma. Uma bengenzanga kahle ngizobuyisela eceleni ngibatshele, ngoba lana ngifuna umculi ezokwenza into angakaze ayenze ndawo,” kuchaza uNala.

Phakathi kwabaculi abazonandisa kwiDundee July Amabhinca Experience ilaba: Lwa Ndlunkulu, Khuzani, Mthandeni, Limit, Menzi, Mdumazi, Siminofu, Gatsheni, Mntuyenziwa, Mjolisi, Bahubhe, Navigator, Ntencane, uMafikizolo, Njabulo Langa noQuality.
Kulindeleke ukuthi uhlu lwabuculi abazonandisa kwiDundee July Experience luphuOWE-DUNDEE JULY EXPERIENCE UZE NENYE KAMASKANDIme ngoMsombuluko mhlaka 7 July.

Ephetha uNala unxuse osomabhizinisi bendawo abafisa ukuzodayisa kulo mcimbi, ukuba basondele njenganje bezobhalisa. Wadalula ukuthi uzozifikela mathupha kulabo abadayisa ngaphandle komcimbi ngoba baphula umthetho.