Uncategorised

U-MKHWANAZI UTHI ALUFAKWA LUBUYA NESIGEBENGU E-KZN

UMKHUZI waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla, uNdunankulu namaphoyisa aKwaZulu-Natal. IZITHOMBE : OTP

NOMCEBO NGEMA

KONKE sekumi ngomumo ngezinhlelo zokuphepha esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba isikhathi samaholidi kaKhisimuzi kanye noNcibijane sesisemome.
Lokhu kuvezwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, i ngokubambisana noMkhuzi wamaPhoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi bathula ngokusemthethweni izinhlelo zokuphepha, nezokulwa nobugebengu, e-Amphitheatre Gardens eThekwini.
UNdunankulu uthi njengesifundazwe bayalekelelana namaphoyisa angaphansi kobuholi buka-Lt General Mkhwanazi ukwenza isiqiniseko sokuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal siphephile kulamaholidi.
“Sisebenzisana kakhulu namaphoyisa kanye nazo zonke izinhlaka zokuphepha ukuqinisekisa ukuthi ogogo, omkhulu, abantu besifazane nezingane baphephile. Siyazi ukuthi uma senze kanjalo izivakashi zizothola isifundazwe esiphephile okuzokwenza ukuthi umnotho wethu ukhule kuphinde kudaleke namathuba omsebenzi. Namhlanje ngimukele uhla olunezinhlelo okuvunyelwane ngazo zokuphepha olwandle nasemahhotela,” kusho uNdunankulu.
UNgqongqoshe wezeMidlalo, amaCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula naye ubeyingxenye yalo mcimbi njengoba kunguyena omukele izihambeli.
Izinhlaka zonke zokuphepha KwaZulu-Natal okubalwa amaphoyisa, amaphoyisa kaMasipala weTheku, amaphoyisa omgwaqo, ojele, abatshuzi, abezokuphepha emingceleni, izicishamlilo, uphiko lokuphenya nokutakula, onogada, uphiko lwama- Hawks benze umviliyelo obukhombisa ukuthi bakulungele ngampela ukubhekana nomthamo wezivakashi nokulwa nalolonke uhlobo lobugebengu esifundazweni.

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ethula inkulumo