Uncategorised

UMFUNDISI UGXEKE I-SABC ENKONZWENI YESIKHUMBUZO SOMSAKAZI

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI

UGEQE amagula uMfundisi eveza amayundululu enhlangano yezokusakaza iSABC, ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo salowo obesakaza kuMhlobo weNene FM.
Lokhu kugadla kukaMfundisi Mzukisi Faleni, ayenze enkonzweni yesikhumbuzo sika Nkz Nomonde Vakalisa, obengumsakazi kuMhlobo WeNene FM, sekuholele ukuthi SABC ukhiphe isitatimende esiphikisa okushiwo umfundisi.
Khuthiwa uMfu Faleni uthe kuyichilo abakuthola ngomndeni, ukuthi emuva kweminyaka engamashumi amabili (20) uVakalisa esebenza kulo msakazo angeke athole ngisho indibilishi.
Kuthiwa
incwadi yesivumelwano ithi uVakalisa angeke athole umhlomula wokusebenza ngoba ubenezinyanga ezingu 9 vo esebenza.
‘Izingane zikaNomonde azizokuthola lutho emuva kokuba unina wazo esebenze iminyaka kuMhlobo WeNene. Incwadi yesivumelwano ithi uNomonde uzohlanganisa unyaka ngonyaka ozayo ngo-April, yingakho engezukuyithola imihlomulo”, kusho uMfu Faleni.
UMfu Faleni wayesebenza kuwo lomsakazo, kodwa ngo 2022 waxoshwa.

I-SABC ibe isilandelisa ngesitatimende esichitha inkulumo kaMfundisi Faleni.
“Kusizwisa ubuhlungu okukhulunywa nguMfu Faleni. Uthatha ithuba, ufaka okungekho kubantu baseMzansi, ebantwaneni nasemndenini ngesikhathi besemanzini”, ngokusho kwesitatimende.

Baphinde bathi kuyabethusa ukuthi le nkulumo iphume kumuntu obenayo naye le nkontileka, eyisayinile, esebenza ngaphansi kwayo.

UNomonde uzofihlwa ngoLwesihlanu mhlaka 13 kule nyanga., inkonzo izokuba ezinkundleni zemidlalo eMT Ayliff ngo-09:00 ekseni.