UREBECCA MALOPE UPHAWULA NGOKUBONAKALA KWAKHE NO-BUSHIRI

UMBIKO: MABUHLE MLABA
INDLOVUKAZI URebecca Malope uthi sekumfake enyakanyakeni, kwamlethela ukuchashwa ngezinhlamba ukubonakala kwakhe noBushiri.
Le Ndlovukazi yomculo weGospel ebhekene nale ngwadlwa, yokufuqwa ngezinhlamba njengoba eseze wayikizela yizo, uthi akazange alubhade enkonzweni kaBushiri.
Uthi abukho ubudlelwano anabo nomfundisi waseMalawi ofunwa uthuli abomthetho eNingizimu Afrika, uShepherd Bushiri. Uveze ukuthi into emdonsele amanzi ngomsele, ukubonakala kuntaza ezinkundleni zokuxhumana izithombe zikaFloyd Shivambu, onguNobhala Jikelele we-MK Party ngempelasonto yePhasika, evakashele uBushiri. Okuthe abantu besamangazwe ilokho kwaputshuka ezikaMalope, okwenza abantu basola ukuthi naye ubehambele le nkonzo. UMalope obekubhekwe ukuthi ayocula eCarnival City, ngempelasonto yePhasika, usekuphikile ukuthi ubeyingxenye yenkonzo yalo mfundisi. Uthe lezi zindaba zimuzwisa ubuhlungu. “Eminyakeni emibili edlule ngaya eMalawi lapho ngangiqashwe uphromotha hhayi ibandla likamfundisi. Ngesikhathi ngihambele eMalawi, ngizwe ngabantu bebanga umsindo bejabulela ukumbona uBushiri. Ufikile esiteji wazongibungaza, lokho kwangimangaza ngoba bengingazi ukuthi ukhona. Engifuna ukukwazisa abantu ukuthi uBushiri wangena esiteji wabonga ukufika kwami. Angikaze ngihambele isonto lakhe eNingizimu Afrika noma eMalawi. Yena impela ubehlale engimema ngoba ethi ungomunye wabalandeli bami kodwa bengihlala nginqaba ngibike izaba, ngoba mina ngiyazi ukuthi ngimi kuphi noNkulunkulu wami.” Unxuse abantu bayeke ukumchapha ngezinhlamba, ngoba akukho okubi akwenzile.
UBushiri nowakwakhe uMary basolwa ngokukhwabanisa imali ebalelwa ngaphezulu kuka R106 million, sebeke bazinikela emaphoyiseni, kulandela ukukhishwa kwencwadi egunyaza ukubaboshwa kuleliya lizwe.
Bathola ibheyili kaR200 000.
