Uncategorised

UYAKHOLELWA KUBADLALI BAKHE UHUNT

MALIBONGWE MAZIBUKO

IQEMBU lebhola iDurban City eliqeqeshwa uGavin Hunt liphezu kwamalungiselelo okugcina ngaphambi komdlalo wabo wokuqala, bekhushulelwe kwiBetway Premiership, bezotholana phezulu neTS Galaxy eMbombela Stadium ngehora lesithathu emini ngesonto.

“Kuyiqiniso ukuthi sidlale imidlalo eyengeziwe ngenkathi senza amalungiselela esizini entsha,

Bekuyiqhinga lethu ukuthi sihlole iqoqo labadlali bengakakhathali siphinde sibalolonge ngendlela efanele uma sesibheke kumdlalo omkhulu ngempelasonto”

“Ngiyalethemba iqoqo labadlali enginalo ukuthi lizobuya nomphumela omuhle uma selibhekene neTS Galaxy okuyiqembu elidlala kakhulu futhi elinethimba labaqeqeshi abanohlonze,” kusho uHunt.