KUQHAKAMBISWE 0S0NKONTILEKA BESIFAZANE

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer kanye noNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli nabesifazane abaqokiwe beShe Build Advisory Body IZITHOMBE: KZNOTP
NOMCEBO NGEMA
UQHAKAMBISE igalelo labesifazane uNgqongqoshe woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda KwaZulu-Natal uMnuz Martin Meyer, ngesikhathi ethula ngokusemthethweni uhlaka lokuthuthukisa abesifazane abasembonini yokwakha eWestville, eMasters Builders.
Uthi lolu hlelo olubeka owesifazane phambili, ngenhloso yokuvala igebe e, likhona phakathi kwanesilisa nabesifazane, , olubizwa ngokuthi “She Builds Advisory Body”.
UNgqongqoshe uthi lesi sifundazwe siholwa abesifazane abaneqiniso, futhi ababanika amandla, njengoba bewabonile ngonyaka odlule, ngesikhathi besukuma bemela lesi sifundazwe. “UMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda uyaziqhenya ngalolu hlaka olwethulile. Siyakholwa ukuthi kufanele senze lo mkhakha ube sezingeni eliphezulu. Angeke ngikhuluma kakhulu ngoba imiphumela yalolu hlaka, izobonwa iwona wonke umuntu. Njengoba ngihlale ngisho ukuthi uhulumeni kufanele alalele ebese eyenza, angagcini ngokukhuluma enze nezithembiso ebese engazifezi,” kusho uNgqongqoshe Meyer.
Uqhube wathi lokhu okwenzekayo into eyaxoxwa, yahlelwa njengoba isiyimpumelelo.
