Uncategorised

UNDUNANKULU UVULE EYEMIDLALO YAMA-SALGA KZN DSAC 2024

UMBIKO: ZETHU PHOSWA noBUSISIWE ZONDI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, uphonsele inselelo uMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal ukuthi kwakhiwe izingqalasizinda zemidlalo ezisezingeni.
UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula imidlalo yamaSALGA KZN DSAC 2024, ezinkundleni zemidlalo eMoses Mabhida eThekwini.
Uthi bazoqinisekisa ukuthi le midlalo isingathwa ngendlela eseqopheleni eliphezulu, nemidlalo ihamba ngendlela efanele.

“Lemidlalo kade ngaqala ukuyeseka, kusuka ngisangusihlalo wawo ngonyaka owedlule. Ngingakusho kugcwele umlomo ukuthi amaSALGA yiwona angenza ngaba iloNdunankulu enginguye namuhla”, kusho yena.
UNdunankulu uqhube wathi esakwisihlalo samaSALGA uwalwele kakhulu ukuthi angafi, futhi anikwe ukwesekwa okufanele.
Uthe kuyamthokozisa ukuthi lemidlalo izodlalelwa eThekwini, ezinkundleni iMoses Mabhida, okube yisicelo sakhe.
Uphethe ngokubonga bonke abazali abadedele izingane ukuthi zibe kule midlalo.
Le midlalo ihlelwe uMnyango wezeMidlalo, ubiCiko namaSiko ngokubambisana noMkhandlu weTheku nezolinye izinhlaka.