Ekhaya

ITUMELENG KHUNE UFUNA IQEMBU LASE-AFRICA

UMBIKO: NOBUHLE MLABA
newsroom@selectafricanews.co.za

OBENGUNOZINTI   weBafana Bafana neKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthi, ucabanga ukuthungatha iqembu lase-Afrika azodlala kulo.

 UKhune uveze lesi sifiso ngoba ethi akaziboni edlalela elinye iqembu lakuleli ngaphandle kweKaizer Chiefs yize imtshele kwezikabhoqo ukuthi ayisamdingi. 

Lo nozinti, obesehlale kwiChiefs iminyaka engaphezulu kuka 20 njengoba afikela enkulisa yayo esuka kubo eVentersdorp eNorth West, uchizele umsebenzi wokuqeqesha onozinti eNaturena.

 IChiefs ibona engayisiza kuleso sikhundla akhiqize abanye oKhune bangomuso kepha yena usamile ekutheni njengoba esaneminyaka engu-38, usazibona engakwazi ukwenza lukhulu phakathi namapali yize abaningi bebona ukuthi usephelelwe ushatini. 

Ekhuluma ohlelweni lwezemidlalo iGame On kuRadio 2000 ngoLwesihlanu, uKhune uthe. 

“Angiziboni ngigqoke elinye ijezi leqembu lakuleli ngaphandle kweleChiefs ngoba isenhliziyweni yami selokhu ngisemncane. 

“Ingakho ngicabanga ukubheka iqembu ngaphandle kwaseNingizimu Afrika kumaLigi ase-Afrika. 

“Namanje ngisagcizelela ukuthi ngizibona ngisengakwazi ukwenza ezibukwayo enkundleni ngoba ngiphethe isipiliyoni futhi umzimba usangivumela. 

“Uma ubheka inkakha unozinti uBuffon wase-Italy namanje usadlala yize esefike eminyakeni engaphezulu kuka 40. 

“Lapha ekhaya uDenis Onyango weSundowns usadlala yize eneminyaka engu 39. Manje mina engivimba ukuthi ngiqhubeke ngidlale?,” kusho uKhune.

Njengoba esathungatha iqembu uKhune umatasa nebhizinisi lakhe elisha lokubheja kanti usethimbeni labahlaziyi bebhola.