Uncategorised

USHINGA NEZINHLELO ZOKUTHUTHUKISA UMPHAKATHI

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa komphakathi uNksz Mbali Shinga. ISITHOMBE: DSD

NOMCEBO NGEMA

UMNYANGO wezokuThuthukiswa koMphakathi wethule ngokusemthethweni inyanga kaMfumfu, njengenyanga ababeka eqhulwini ukubheka izinto eziningi ezithinta ikhaya ikubalwa abantwana, abahlwempu nabangenamakhaya.

uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz uMbali Shinga uthi ngesonto sekuqale iNational Development, yethula ngokusemthethweni (Social Development Month) okuyindlela ababiza ngayo inyanga ka-Okthoba.
“ Sethula Okthoba DSD KwaZulu-Natal ngokusemthethweni ngaphansi kwesiqubulo esithi Siqinisa imindeni. Sigxile kakhulu ekuqiniseni imindeni. ngoba siyazi ukuthi uma imindeni iphilile kusho ukuthi abantu bonke baphilile. Izinhlelo zethu kulenyanga sizozenza ngokushesha nangokuphuthuma. Sinxusa umphakathi ukuthi ube mehlo made kumahhovisi ethu emikhandlu, njengoba bebethula ubufakazi bokuthi lo mnyango ubasiza kangakanani,” kuchaza uNgqongqoshe.
UMnuz Sithembiso Shangase onguMphathi kasoseshini wokuthutha izingane zesikole ngaphansi kukaSantaco, uthi bona abangena ngokuthi kufanele kuvikelwe abeLungu babo okuyizingane zesikole.
‘Kufanele ukuthi siqikelele ukuthi izingane zifika esikoleni nasemakhaya ziphephile. Siqikelele ukubhekana izimoto ukuthi isesimweni yini nokuthi umshayeli ukulungele yini ukuthwala abafundi, ngokubheka ukuthi akakaze yini aboshelwe icala lokunukubeza nokuhlukumeza,” kubeka Shangase.
Uthi banobudlelwano obuhle noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi njengoba bugxile ekuvikeleni wezingane.
Uthi uma umshayeli otholakala enechashaza bayamsusa ekutheni athuthe izingane.

Uthe obunye ubudlelwane abanabo nomnyango ilapho abashayeli befundiswa khona ngamalungelo okuthi makunomntwana iziphi izinto okufanele bazikhulume kanye nokufanele bazenze phambi kwabantwana. “Olunye uhlelo esinalo elokufundisa abashayeli ngosizo lokuqala uma umntwana eqhuzuka asheshe aluthole usizo engaze angene esikoleni esophe kakhulu. Abashayeli bethu baphinde baqeqeshwa ngokuwelisa abantwana umgwaqo babalekelele,” kuchaza uMnuz Shangase.