Uncategorised

USAZOQHOQHOBALA ESEKUKHUZA AMAPHOYISA UMKHWANAZI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola kanye noMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli efisela uLt General Mkhwanazi okuhle kodwa kwihlandla lakhe lesibili leminyaka emihlanu ekhuza amaphoyisa esifundazweni. IZITHOMBE: KZNSAPS

NOMCEBO NGEMA

WEMUKELE ngokusemthethweni isikhundla sokukhuza amaphoyisa ihlandla lesibili leminyaka emihlanu esifundazweni saKwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi.

Lezindaba zimenyezelwe uMkhuzi waMaphoyisa kuzwelonke uGeneral Fannie Masemola, kulandela ukuhlangana kwakhe noNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, nabaphathi bamaphoyisa KwaZulu-Natal.
UGeneral Masemola uthi siphelile isikhathi sokungabaza nokuqagela uMkhwanazi, uzoqhubeka aqhoqhobale lesi sikhundla sokukhuza amaphoyisa esifundazweni.
Ube esekhuthaza ngokubaluleka kokusebenzisana nokweseka ubuholi bukaMkhwanazi. “Ngikhuthaza amaphoyisa ukuthi asebenzisana nomphakathi ukulwa nobugebengu. Kubalulekile ukuthi izakhamuzi nazo zibambe iqhaza ezinhlelweni zamaphoyisa zokuphepha,” kusho uGeneral uMasemola