BASENGOZINI YOKUXEBUKA KWESIKHUMBA ABATHENGE IMIKHIQIZO EWUMBOMBAYI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
ABUYELE kwasifuba kubathandi bemikhiqizo yezobuhle iRhode, kulandela ukuvela ukuthi sivalwe isigubhukane lesi sitolo ebesivulwe eMall of Africa, eGoli.
Lokhu kuholele kumsindo umsindo obusezinkundleni zokuxhumana, obuveza izinsolo zokuthi lesi sitolo besithengisa imikhiqizo ewumbombayi yakwaRhode.
Le nkampani ebithengisa imishiza yakwaRhode, akuveli nokuthi igunyaziwe yini uRhode, ukuthi idayise imikhiqizi yabo.
I-Rhode inkampani ezinze eMelika esungulwe uHailey Bieber ongunobuhle owaziwayo. Lo mkhiqizo osuzakhele ugazi kubathandi bemikhiqizo yezobuhle njengama makeup, okokugcoba okunakekela isikhumba utholakala phesheya nangeTikTok ne-Insta shopping.
Kuthiwa okufike kwaxaka kakhulu abathandi bale mikhiqizo yakwaRhode ukuthi ukuvulwa kwesitolo akwenzekanga ngendlela ejwayelekile.
Kujwayeleke ukuthi uHailey amemezele ukuvulwa kwesitolo ezinkundleni zabo zokuxhumana.
Okuphinde kwasusa uthuli lwezichwe, kube izinkonondo zabathengi lapho beqhathanisa imikhiqizo, beba nokungagculiseki ngemikhiqizo ekulesi sitolo ebesiseMall of Africa, ukuba nezinto ezimbalwa (range) nangamanani aphezulu obekudayiswa ngawo izinto.
Lokhu kubuye kwasusa umsindo wokuthi lenxanxathela yezitolo ingavumela kanjani inkampani ukuthi irente isitolo ingaqinisekisanga ngobuyona.
Lesi sehlo sikugqamisile ukubaluleka kokuthenga esitolo esingungqo, futhi kwaveza ubungozi bokuthenga izinto ezingombombayi, eziqhamuka ezweni elinomlando wobungozi bokusebenzisa izinto ezinamakhemikhali ezinobungozi kwisikhumba sabantu abamnyama nokubaluleka ukuthenga imikhiqizo engekho engeyona ‘fake’.
