UNTULI UKHALA NGEMIBHIKISHO ETHE CHITHI SAKA ESIFUNDAZWENI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ehola umviliyelo we-Africa Day. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE
NOMCEBO NGEMA
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi amamashi athe chithi saka esifundazweni okunxenxa abokufika abalapha ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo, azokwenza kubonakale sengathi lesi sifundazwe asinalo uzinzo kubatshalizimali.
Lokhu ukusho namuhla ngesikhathi lesi sifundazwe sibungaza i-Africa Day, edolobheni eThekwini.
UNdunankulu uthi bayaxoxisana nabaholi bamamashi ukuthi baqikelele ukuthi kungakheki isithombe sokuthi isifundazwe saKwaZulu-Natal asinalo uzinzo. “Kuyangithokozisa ukuthi abanye benza amamashi anokuthula, zingabikhona izigameko ezikhombisa ubudlobongela kanye nobugebengu. Siyaxoxisana nabo ukuthi amamashi awabe nokuthula kodwa nakuba kunjalo akufanele sibe isifundazwe esibonakala sisemgwaqeni ngaso sonke isikhathi, ngoba lokho kuzoxosha abatshalizimali bathi alukho uzinzo esifundazweni. Uma sekuhambe abatshalizimali, amathuba emisebenzini azoncipha kanti baningi abantu abangasebenzi KwaZulu-Natal,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uthi sehlile isibalo sabantu abangasebenzi KwaZulu-Natal sisuka ku-32%, saya ku-31%. Uthi lo 31% akufanele ukuthi ugcine ungawutholanga umsebenzi.
“Kubalulekile ukuthi kube nokuthula, sihlalisane kahle futhi silandele umthetho kukhona konke esikwenzayo, uma sikhala asikhale ngendlela engeke yenze lesi sifundazwe sibonakale njengesingenalo uzinzo,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
Lolu suku luqale ngomviliyelo usuka eKing Dinuzulu waze waphelela eThe Playhouse lapho kube nezikhulumi ezihlukahlukene, umculo, umdanso, ukudla kwesintu kanye nokunye okuningi. UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo uMnuz Musa Zondi, iButho laKwaZulu, izintombi kanye nabanye abaningi bebeyingxenye yomgubho yalolusuku.
