Uncategorised

UBONGE ABAPHATHI U-BENJAMINI DUBE ELAXAZA SPIRIT OF PRAISE


UMBIKO: ZETHU PHOSWA

KUSHAQISE abaningi ukuthi uMfu Benjamini Dube alaxaze ikhwaya iSpirit of Praise kuhle kwenyongo yenyathi.
Okufike kwaxaka abaningi nalabo abakule khwaya, ukuthi le ngqalabutho emculweni woKholo, uveze ukubhalakaxa leli khwaya kwinkundla yakhe yezokuxhumana uFaceBook.
UDube ubesehlale iminyaka eyi-17, kanti abathandi bomculo baveze indlela abazizwa ngayo ngesinqumo kuFacebook wakhe, okugcine isikapakela kuzo zonke izinkundla zokuxhumana.
Kukhona abaveze ukuthi baphuke izinhliziyo ngesinqumo sikaDube, abanye bathi iSpirit of Praise ilahlekelwe ngokuhamba kwale nkakha nalabo abamfisele ikusasa elihle njengoba eqala ikhasi elisha.
Kwisitatimende uDube uveze ukuthi usezogxila ekushumayeleni ivangeli, ukukhulisa igama lakhe nokuveza ikhono labaculi abafufusayo.
“Ngidlulisa ukubonga okukhulu kubanikazi beSpirit of Praise Music, u-Aubrey Peacock noMetthew Nkabinde ngokusebenzisana okuhle, okunenhlonipho nokumthelela omuhle evangelini,”esho.