USHINGA UTHI ISEQHULWINI EYOKULWA NOKUHLUKUNYEZWA KWABESIFAZANE NEZINGANE

z. ISITHOMBE:NEWS 24
UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUKHUPHUKA kwezibalo zokukhulelwa kwentsha KwaZulu-Natal, sekuholele ekutheni uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi afake abezinhlangano ezizimele ukulwa nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane nokuvikela izisulu.
UNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga ukusho lokhu esezinkundleni zemidlalo Ugu, ngesikhathi kuvalwa umkhankaso wokulwa nodlame nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, wezinsuku eziyi-16.
Uthi nakuba kusongwa umkhankaso wezinsuku eziyi-16 zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kodwa bona bewumnyango bazosebenzisana nezinhlangano ezingenzinzuzo, ukulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nokuvikela izisulu.
” Thina njengoMnyango sizoqhubeka nokushaya ikhwela lokulwa nodlame nokuhlunyezwa kwabesifazane nezingane, Izindawo ezinezibalo eziphezulu zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kubalwa eyaseMzumbe neyaseZingolweni, yizona zindawo ezinezigameko eziningi zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Sizosebenzisana nezinhlangano ezizimele nezingenzi nzuzo ukulwa nalesi sihlava,’ kubeka uNgqongqoshe.
Uthi izinhlangano ezizimele zikhale ngamacala okudlwengulwa, zithi iyaphuza ukubuya imiphumela yokuhlolwa kolibofuzo, okwenza izisulu zingaphatheki kahle. Kanti male yokudedelwa kwabasolwa babonakale sebcanasa ngaphandle kungaziwa ukuthi kanjani, lokho kugcina sekuphazamisa izisulu.
Wathembisa ukuzithathela phezulu lezizikhalo.
