Uncategorised

I-CAPE TOWN MARATHON ISIZOKUBA KWELOMHLABA

Baphoxekile abagijimi abebengenele iCape Town Marathon imiswa ngomzuzu wokugcina. Isithombe esomjaho oke waba khona ngaphambili I. ISITHOMBE: NEWS24

ZETHU PHOSWA

I-CAPE Town Marathon izokuba ngeyokuqala ukuba sezingeni lomhlaba, e-Afrika.
Nakuba lezi zindaba zigqame ngesikhathi sendumalo yokubhuntsha komjaho waminyaka yonke, omiswe ngomzuzu wokugcina ngenxa yesiphepho esihlasele le ndawo ebusuku.
Lo mjaho bekungowokugcina ukuthi kube yiwo owenza abantu bakhwalifaye ukungenela i-Comrades Marathon.
Ngokombiko weSanlam Cape Town Marathon okhishwe mhla ziyi-18 kuMfumfu, uthi lo mjaho ulinde imiphumela njengoba ufake isicelo sokuba yiMajor Marathon yokuqala e-Afrika. Uma ukuhlolwa kwalo nyaka kwe-Abbott World Marathon Majors kuphumelela, i-Cape Town Marathon yango-2026 izoba iMajor yokuqala e-Afrika, ezoba ngomhlaka 24 Meyi 2026.
Lokhu kuzobeka iMother City njengenye yezindlondlo zemijaho phakathi kwazo kubalwa ezifana Boston, London, New York, Tokyo, Chicago kanye neBerlin .