BATHUTHELEKE E-SHAREWOOD ABASE-MALAWI

ABOKUFIKA baseMalawi abathutheleke ehholo lomphakathi eSharewood, ngoba bethi bathola ukusatshiswa eClere Estate. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
BANGAPHEZU kwezi-3000 abokufika kuleli baseMalawi abathutheleke ehholo lomphakathi eSharewood, eThekwini ngoba bethi bathola ukusatshiswa endaweni abahlala kuyona eClere Estate.
Laba bokufika bakhala ngokuthi bathola izinsongo komakhelwane babo ngosuku oluwumnqamulajuqu (30 kuNhlangulana), olwabekwa ukuthi aluthi lufika bebe sebehambile. Leli phephandaba lithole ukuthi abanye babo bafike kulendawo ngesonto eledlule kodwa batshelwe ukuthi ayeza amabhasi azobalanda ababuyisele eMalawi.
Inhlangano iWorld Memon Organisation ihlinzeka omama bezingane ngamanabukeni.
