UKHALE NGOBUSOKA BAMANYALA KU-DJ BLACK COFFIE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA
UGEQE amagula ngembangela eyamkhipha emshadweni wakhe Mbali Mlotshwa owayeshade nesihlabani u-DJ Black Coffe, bathe okukhulu ukuthi uziphu awuvaleki ngaphandle kulesi silomo.
Mbali egonyuluka uveze ukuthi kuningi obekwenzeka emshadweni wakhe abengakuthandi kodwa eyokukhulelisa abesifazane ababili yikona Okwenza wabonga kahle ukuthi cha ucu alusahlangani.
UMbali ugeqe amagula engemuki kwiRadio 702 nathe kwenzeka zonke lezi zigemegeme bebenamadodana amabili u-Anesu no-Asante.
“Angikaze ngingathembeki emshadweni nangelilodwa ilanga. Kwaze kwaba ngiyaphuma. Uyalazi leli culo leGospel elithi baleka ngezinyawo zimbili,” esho ecula ingoma ye Joyous Celebration.
Kuzokhumbuleka ukuthi labo saziwayo babopha ifindo likasofa silahlane Ngonyaka wezi-2011 elagqashuka Ngonyaka wezi-2019.
Ngonyaka odlule kwake kwaba nezinsolo zokuthi bazobuyelana, njengoba kwaba khona ukukhumelana umlotha, baze bashutha isithombe sabo bobabili nendodana esafakwa uMbali ku-Instagram.
Lo mlingisi wabhala uBlack Coffe ngo “Dad” okuyinto eyahumushwe abaningi ngokuthi hleze kukhona ukuxolelana okwenzekile. UMlotshwa wabonga uBlack Coffee ngokuthengela indodana yabo imoto yokudlala imidlalo yokuqhudelana (racing). “Guess who’s back at racing. Thanks #Dad.”
